UNkulunkulu onamandla, uBaba ongunaphakade, weza kulo mhlaba, wabethelwa esiphambanweni, wabekezelela ukuhlekwa, ukudelelwa, nokushushiswa ngabantu abaningi. Nokho, wakubekezelela buthule konke lokhu ukuze athole abantu bakhe beqiniso, ahlawulele zonke izono zabo, futhi abasindise.
Enqubeni yokusindisa abantwana basezulwini, uJesu ekufikeni kwakhe kokuqala, Khristu Ahnsahnghong ekufikeni kwakhe kwesibili, noMama waseZulwini iJerusalema bonke beza kulo mhlaba besenyameni. Ngokwesiprofetho, le ndlela ihlanganisa nakanjani izinsuku zosizi, ezilandelwa izinsuku zenjabulo lapho inkazimulo yamukelwe. Ngokuvumelana nalesi sithembiso, inkazimulo kaNkulunkulu uMama, manje ohola iBandla likaNkulunkulu, iyembulwa emhlabeni wonke.
UJesu wabaphendula wathi: “Nginitshengise imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yimuphi umsebenzi kulena eningikhandela wona na?” Bamphendula abaJuda, bathi: “Asikukhandi ngenxa yomsebenzi omuhle kepha ngenxa yokuhlambalaza, ngokuba wena ungumuntu ozenza uNkulunkulu.” Johane 10:32–33
Ilanga lakho alisayikushona, nenyanga yakho ayisayikuncipha, ngokuba uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, nezinsuku zokulila kwakho ziyakuphela. Izaya 60:20
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea 
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha