Njengoba isisho sithi, “Ehlane amanzi abaluleke kakhulu kunegolide, futhi emvaneni elahlekile, umelusi ubaluleke kakhulu kunenkosi ecebe kakhulu.” Ngokunjalo, okubalulekile kulo mhlaba nokubalulekile embusweni wezulu, kuhlukile kakhulu. Umcebo, udumo, namandla abantu abaningi emhlabeni abakubheka njengokubalulekile, akunamsebenzi embusweni wezulu. Yingakho abangcwele bebandla lokuqala babephilela umbuso wezulu ngisho naphakathi kokushushiswa.
Ukwenza izwi likaNkulunkulu ngendlela eliyiyo, yikona okubaluleke kakhulu embusweni kaNkulunkulu. Amalungu eBandla likaNkulunkulu afuna ngisho nomphefumulo owodwa olahlekileyo ngeqiniso lesivumelwano esisha, ekholelwa ezwini likaNkulunkulu lokuthi azobusa njengamakhosi embusweni wezulu, akhanye njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade.
Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kepha bezibonile, bezithakazele zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni. KumaHeberu 11:13
Abahlakaniphileyo bayakukhanya njengokukhazimula kwesibhakabhaka, nabaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade. UDaniyeli 12:3
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha